Malachi 1:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.