Mark 1:45 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;