Mark 12:1 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude.