Mark 12:14 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. kuKesari, noma qha?