Mark 13:9 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.