Mark 7:24 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eThire. Wangena endlini, nokho wayengathandi ukuba kube khona owaziyo ngalokho, kodwa akwenzakalanga ukuba akwazi ukuzifihla.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wasuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire neSidoni, wangena endlini, ethanda ukuba kungaziwa muntu, kepha akakwazanga ukucasha.