Mark 9:18 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga.