Matthew 19:8 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.