Matthew 21:33 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.