Matthew 23:15 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani.