Micah 1:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Zonke izithombe zalo ziyakuphihlizwa, konke elikukhokhelweyo kushiswe ngomlilo. Izithombe zalo ezibaziweyo ngiyakuzenza zonke zibe yincithakalo, ngokuba likuthole ngenkokhelo yobufebe, futhi kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.