Nehemiah 1:6 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.