Nehemiah 10:39 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”