Nehemiah 12:44 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,