Nehemiah 13:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,