Nehemiah 13:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.