Nehemiah 13:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Manje sengishaya umthetho wokuthi amasango eJerusalema ahluthulelwe ngaphambi kokuqala kweSabatha, aze avulwe lapho sekwedlule iSabatha. Ngizobeka ezinye zezinceku zami emasangweni ukuze zibheke ukuthi akukho lutho olungeniswa emzini ngeSabatha.