Nehemiah 2:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo.