Nehemiah 4:2 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”