Nehemiah 4:22 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngaleso sikhathi ngabuye ngayala bonke abantu, ngathi: “Yilowo nalowo nenceku yakhe mabahlale phakathi eJerusalema ukuze basiqaphe ebusuku, basebenze emini.”