Nehemiah 5:14 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kusukela ngosuku inkosi u-Arithahishashitha eyangibeka ngalo ngaba ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, ngonyaka wama-20 wokubusa kwayo, kuze kube ngunyaka wama-32, okuyiminyaka eli-12 isiyonke, mina nabafowethu asidlanga sabelo sombusi.