Nehemiah 5:18 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngalolo nalolo suku kwakuhlatshwa inkabi nezimvu zekhethelo eziyisithupha, ngilungiselwe nezinkukhu. Kwakukhishwa iwayini eliningi, kanye ezinsukwini eziyishumi. Ngangazi ukuthi abantu bathwele umthwalo onzima kangakanani, ngakho-ke angizange ngisifune isabelo sombusi.