Nehemiah 8:17 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.