Numbers 2:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.