Numbers 21:23 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli.