Numbers 24:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.