Numbers 26:62 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.