Numbers 30:14 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.