Numbers 35:2 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke.