Numbers 36:1 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Izinhloko zezindlu zoyise bemindeni yozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase, nabozalo lukaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwabaholi, abayizinhloko zezindlu zoyise bakwa-Israyeli,