Obadiah 1:7 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.