Philippians 1:20 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.