Philippians 3:12 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.