Philippians 4:15 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.