Revelation 14:15 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.