Revelation 17:8 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.