Romans 1:20 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;