Romans 3:9 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Singabuye sithini na? Sibadlula ngani na? Ngalutho, ngokuba sesivele sahlulele ukuthi bonke abaJuda namaGriki baphansi kwamandla esono,
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Pho? thina singcono kunabo na? Qha, nakanye; ngokuba sesiwabonisile ngaphambili amaJuda nabezizwe ukuthi bonke baphansi kwesono;