Ruth 2:11 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini.