Zechariah 1:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.