Zechariah 5:9 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona kuphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa phakathi komhlaba nezulu.