Zechariah 8:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku, kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na?” usho uJehova Sebawoti.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.