bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Thessalonians 3
1 Thessalonians 3
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 4 →
1
Kwathi singasenakubekezela, sabona kukuhle ukuba sisale sodwa e-Athene.
2
Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,
3
ukuze kungabi bikho muntu ozanyazanyiswa yilezo zinhlupheko, ngokuba niyazi ukuthi siqokelwe lokho.
4
Nalapho sisenani, sanitshela kungakenzeki ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwenzeka, futhi niyazi.
5
Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.
6
Kepha lapho uThimothewu esefikile kithi, evela kini, wasibikela izindaba zokukholwa ezihlabahlosile, nothando lwenu, nokuthi ukusikhumbula kwenu kuhle njalo, futhi niyalangazelela ukusibona, njengokuba nathi sifisa ukunibona.
7
Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu.
8
Nokho sesiyaphila manje, uma nimi niqinile eNkosini.
9
Kodwa singambonga ngani uNkulunkulu ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?
10
Ubusuku nemini siyanxusa singaphezi ukuba sinibone ubuso nobuso, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
11
Sengathi uNkulunkulu, uBaba wethu uqobo, neNkosi yethu uJesu bangayiqondisa indlela yethu eza kini;
12
iNkosi ilwandise luchichime uthando lwenu, nithandane, futhi nibathande nabanye, njengokuba nathi sinithanda,
13
ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4
5