bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Kings 15
1 Kings 15
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 16 →
1
Ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda.
2
Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.
3
Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe.
4
Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.
5
Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.
6
Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
7
Ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiyamu noJerobhowamu.
8
U-Abhiyamu walaliswa kokhokho bakhe; bammbela kwabakubo emzini kaDavide; u-Asa, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
9
Ngonyaka wama-20 uJerobhowamu eyinkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi yakwaJuda.
10
Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.
11
U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe.
12
Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe.
13
Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
14
Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
15
Wazingenisa endlini kaSimakade izinto ezingcwele zikayise nezakhe ezingcwele: isiliva, igolide, nezitsha.
16
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.
17
UBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wayohlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu oya novela ku-Asa, inkosi yakwaJuda.
18
U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi:
19
“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.”
20
UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.
21
Kwathi lapho uBhahasha ezwa lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eThirisa.
22
Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha.
23
Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo.
24
U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide, ukhokho wakhe; uJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25
UNadabi, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda; wabusa kwa-Israyeli iminyaka emibili.
26
Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
27
UBhahasha, indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakhare, wamenzela ugobe; wamnqoba eGibhethoni lamaFilisti, ngokuba uNadabi nawo wonke u-Israyeli babelivimbezele iGibhethoni.
28
Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
29
Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo,
30
ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
31
Ezinye izindaba zikaNadabi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
32
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.
33
Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha, indodana ka-Ahiya, waqala ukubusa u-Israyeli wonke eThirisa, wabusa iminyaka engama-24.
34
Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 16 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22