bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Samuel 13
1 Samuel 13
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 14 →
1
USawule wayesekhulakhulile ngesikhathi eqala ukubusa. Esebuse iminyaka emibili kwa-Israyeli,
2
waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.
3
UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!”
4
U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.
5
AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.
6
Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.
7
AmaHebheru awela iJordani, aya kwaGadi nakwaGileyadi. USawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.
8
USawule wahlala izinsuku eziyisikhombisa, okuyisikhathi uSamuweli ayemnqumele sona, kodwa uSamuweli akafikanga eGiligali. Abantu base beqala ukuhlakazeka bemshiya uSawule.
9
USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa.
10
Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela.
11
USamuweli wambuza, wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Kuthe ukuba ngibone ukuthi abantu sebeyahlakazeka, bayangishiya, nokuthi nawe awufiki ngesikhathi obusinqumile, namaFilisti abuthene eMikhimashi,
12
ngathi: ‘Manje amaFilisti azokwehlela kimi angihlasele eGiligali ngingakakhuleki,’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”
13
USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,
14
kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”
15
USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.
16
USawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu ababe naye bahlala eGebha kwaBhenjamini; amaFilisti akanisa eMikhimashi.
17
Amabutho amaFilisti aphuma enkanjini ngezigaba ezintathu; esokuqala sahamba ngendlela eya e-Ofira eShuhali;
18
esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBhethi Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emngceleni obheke esigodini eZebhoyimi ngasehlane.
19
Wayengekho umkhandinsimbi kulo lonke izwe kwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHebheru azakhele izinkemba nemikhonto.”
20
Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti ukuze kube yilowo nalowo alole ummese wakhe, igejazembe, imbazo nesikela lakhe.
21
Imali ababeyikhokhela ukulola igejazembe noma imfologo kwakuyizingxenye ezimbili kwezintathu zeshekeli, kuthi imbazo nezincijo zokuhlokoloza izinkomo kube yingxenye eyodwa kwezintathu zeshekeli.
22
Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe.
23
Ibutho lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni eMikhimashi.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31