bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Corinthians 10
2 Corinthians 10
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 11 →
1
Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.
2
Ngiyacela manje ukuba uma nginani kungadingeki ukuba ngibonise isibindi ngokubaqonda ngqo labo abathi sihamba ngokwenyama.
3
Nakuba siphila sisenyameni, kasilwi ngokwenyama,
4
ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,
5
nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.
6
Sihlala sikulungele ukujezisa konke ukungalaleli lapho ukulalela kwenu sekuphelele.
7
Ake nibheke nje lokhu okuphambi kwenu. Uma umuntu ezazi kahle ukuthi ungokaKhristu, makakuqonde lokhu ngokwakhe ukuthi njengokuba yena engokaKhristu, nathi sinjalo.
8
Nakuba ngingaze ngizincome ngokwedlulele ngegunya lethu eyasipha lona iNkosi lokwakha kungabi ngukubhidliza, angiyukuba namahloni ngalo.
9
Angifuni ukuba ngibonakale sengathi ngiyanethusa ngezincwadi enginibhalela zona.
10
Bathi izincwadi zakhe zinzima futhi zinamandla, kodwa uma esekhona ngokomzimba ubuthakathaka, futhi ukukhuluma kwakhe kudelelekile.
11
Onjalo makaqonde ukuthi esiyikho ngamazwi ezincwadini ngesikhathi singekho, siyakuba yikho futhi ngezenzo uma sesikhona.
12
Ngokuba asithandi neze ukuzilinganisa nokuzifanisa nabathile balabo abazincomayo. Kepha lapho bezilinganisa nabanye phakathi kwabo, bazifanisa nabanye ngendlela engenangqondo.
13
Kepha thina asinakuzibonga ngaphezu kwalokho esifanele ukuzilinganisa ngakho, kodwa kuyakuba ngesilinganiso salokhu uNkulunkulu asimisele khona, ukuze sikwazi ukufinyelela nakini.
14
Ngokuba asizincomi ngokungaphezu kokufanele ngokungathi asizange sifinyelele kini, saba ngabokuqala ukufinyelela kini nevangeli likaKhristu.
15
Asizibongi ngokwedlulele ngemisebenzi yabanye, kodwa ithemba lethu ngelokuthi ngesikhathi ukholo lwenu lukhula, nendawo yethu phakathi kwenu iyakwandiswa kakhulu,
16
ukuze silishumayele ivangeli nasezindaweni eziphambi kweyakini, singazincomi ngezinto ezenziwe endaweni yomunye.
17
Kepha ozincomayo, makazincome eNkosini.
18
Ngokuba akusiye lowo ozincomayo okufanele amukelwe, kodwa yilowo iNkosi emncomayo.
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 11 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13