bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 John 1
2 John 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
1
Ilunga, kuye owesifazane okhethiweyo nakubantwana bakhe, engibathanda ngokweqiniso; hhayi mina ngedwa, kodwa bonke abalaziyo iqiniso;
2
ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade.
3
Umusa, isihawu nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Khristu iNdodana kaYise ngokweqiniso nangothando, kuzakuba nathi.
4
Ngithokozile kakhulu, ukuthi ngitholile ukuthi abanye babantwana bakho bahamba eqinisweni, njengokomyalo esiwamukele kuBaba.
5
Kepha manje ngiyakunxusa nkosikazi, kungekungathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni owokuba sithandane.
6
Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.
7
Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.
8
Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.
9
Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana.
10
Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.
11
Ngokuba ombingelelayo uyobe uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.
12
Kuningi ebenginokunilobela ngakho, kodwa angithandanga ukukuloba ephepheni ngoyinki. Ngiyethemba ukuthi ukuza kwami kini, ngikhulume nani bukhoma, kuyokwenza ukuthokoza kwethu kuphelele.
13
Bayakhonza kuwe abantwana bakadadewenu okhethiweyo.
Jump to:
Chapter 1
All chapters:
1