bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Peter 1
2 Peter 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 2 →
1
USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:
2
sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.
3
Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,
4
aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.
5
Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,
6
nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu,
7
ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
8
Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu.
9
Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala.
10
Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.
11
Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.
12
Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona.
13
Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza,
14
nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.
15
Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina.
16
Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe.
17
Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
18
Impela, leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele.
19
Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.
20
Yazini lokhu kuqala, ukuthi asikho isiphrofetho sombhalo esingacaciswa ngumuntu ngokwakhe ukuqonda.
21
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3