bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Samuel 5
2 Samuel 5
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 6 →
1
Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2
Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”
3
Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
4
UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40.
5
Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.
6
Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”
7
UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.
8
UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ”
9
UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.
10
UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.
11
UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.
12
UDavide wakuqonda ukuthi uSimakade wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uwuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe, u-Israyeli.
13
UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi.
14
Nanka amagama alabo abazalelwa eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni,
15
uJibhari, u-Elishuwa, uNefegi, uJathiya,
16
u-Elishama, u-Eliyada no-Elifelethi.
17
AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni.
18
AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.
19
UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngenyuke yini ngihlasele amaFilisti na? Uzowanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngizowanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20
UDavide wawahlasela eBhali Pherazimi, wawanqoba khona lapho amaFilisti. UDavide wayesethi: “USimakade uzithelekele izitha zami ngibuka, njengokufohla kwamanzi.” Ngakho-ke wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhali Pherazimi.
21
AmaFilisti ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bazithatha, bahamba nazo.
22
AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa.
23
UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu.
24
Uyakuthi lapho uzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zezihlahla zebhalisamu, uphangise, ngokuba uSimakade uyobe ephumile, engaphambi kwakho, ukubhubhisa impi yamaFilisti.”
25
UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24