bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Thessalonians 2
2 Thessalonians 2
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
1
Mayelana nokubuya kweNkosi yethu uJesu Khristu, nokubuthanela kwethu kuyo, siyaninxusa bazalwane,
2
ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile.
3
Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso,
4
omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.
5
Anikhumbuli yini ukuthi ngisenani nganitshela ngalokho na?
6
Seniyakwazi okumbambezeleyo manje, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.
7
Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela nje ukuba kudediswe yena obambezelayo manje.
8
Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.
9
Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga,
10
nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengakuvumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
11
Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga,
12
ukuba behlulelwe bonke abangakholwanga yiqiniso, kodwa bejabulela ukungalungi.
13
Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,
14
anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Khristu.
15
Ngalokho-ke bazalwane, yimani niqine, nibambelele kulelo qiniso enalifundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16
Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,
17
angazigqugquzela izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3